UMabonakude uyinsiza yokuxhumanade ngokufufukisa imifanekiso enyakazayo nomsindo. Leli bizo libhekisela kwisilekeleli esibukwayo, noma insiza kamabonakude wokufufukisa. UMabonakude uyinsiza yokukhangisa, ezokunandisa, izindaba, nezemidlalo.
UMabonakude waqala ukuba khona ngokwenziwa kwemigcwanso eminyakeni ye-1920, kodwa kungemuva kweminyaka embalwa yokuthuthukisa kwawo lapho lobu buchwepheshe bahuhiswa kubathengi. Emva kweMpi yoMhlaba yesibili, uhlobo oluphuculiwe lokusakaza ngomabonakude wemifanekiso emnyama-mhlophe lwaba nesibunge kwelaseBrithani naseMelika, futhi omabonakude baqala ukwanda emakhaya, ezihwebeni, nasezikhungwini. Ngesikhathi seminyaka ye-1950, umabonakude waba Insiza eyinhloko ekuthonyeni uvo lomphakathi. Maphakathi neye-1960, ukusakaza ngemifanekisk emilobolobo kwangeniswa eMelika nakwamanye amazwe athuthukile.
Ukutholakala kwezinhlobo ezihlukahlukene zeziqongeleli ezifana ne-Beramax neziqophi ze-VHS, amacwecwe wesiCwazi, ama-CD, ama-DVD.