Sakha isizwe sabalimi

[hlela | Hlela umthombo]

Siqgugquzela indlu emnyama kwezolimo

[hlela | Hlela umthombo]
Ilogo yenkampani

Abantu abamnyama basawuthatha kancane umsebenzi wezolimo kuneminye imisebenzi, bashiya imihlaba yomkhulu bekhethe ukuyofuna imisebenzi emadolobheni kanti imali isemhlabathini imali isemhlabathini. Kuyiqiniso engeke liphikwe ukuba thina njengendlu emnyama sisamelwe indlela ende ukuba siyihambe, Ngenxayokuthi asiqeqeshekile futhi sithanda izinto eziza kalula. Sifisa ukuba indlu emnyama yehlakaniphe iphinde iqeqesheke ngezifundo zolimo ibe namandla iphinde izisungulele izinhlangano zayo njengo BKB[1] kanye nobo TWK.[2]

Umnyango wezolimo ungumgogondla wezwe lonkana, ngaphandle kwawo angeke siyendawo ngoba isizwe esilambile sandisa izinxushunxushu esingabala kuzo izifo ezingalawulekile ezingena kalula kumuntu, ukuphela kwemisbenzi nokushona phansi kwezwe lonkana. Ngifisa isizwe sethu sivuke sizikhandle ngokuzivulela amathuba emisebenzi. Yebo indlela yakhona inde futhiiyakhathaza kodwa imiphumela yakhona ingaqhakazisa imindeni eminingi iphinde inyuse isizwe sonkana lapha eNingizimu Africa.[3]

Izinkomba

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://www.bkb.co.za/
  2. https://www.twkagri.com/
  3. https://www.trade.gov/country-commercial-guides/south-africa-agricultural-sector#:~:text=South%20Africa%20has%20a%20market,%2C%20wine%2C%20and%20most%20vegetables.