Ukhuvethe(COVID-19) yisifo esidalwa yi-SARS-CoV coronavirus.

Ukhuvethe(Covid-19) isifo esiyingozi kubantu esidalwa yi-coronavirus, ezinye zezimpawu zalesisifo kubalwa umkhuhlane, ukukhwehlela okunganqamuki nokushisa okuhambiselana nokuvevezela kwamalunga omzimba. Lesi sifo sigadla kakhulu kulabo abasebekhulile ngokweminyaka futhi abanamahlalakhona ezifo okubala kuzo u shukela, nesandulelangculazi kanye nezinye[1]. Ongoti babalule ukuthi kulula kakhulu ukuthelelana nokutheleleka ngalesisifo ngoba sihamba emoyeni. Isigungu esibhekele ezempilo emhlabeni wonke jikelele (world health organisation)[2] siveze izindlela zokuvikela nokunqanda ukubhebhetheka kwalolubhubhane lwesifo okubalwa kuzo ukugqoka kwezamfonyo zikhathi zonke uma uphuma, ukuqhelelana (social distancing) ikakhulukazi ezindaweni okungenzeka ukuthi zinabantu abaningi, ukuhlanza izandla ngamanzi anensipho kanye nokuzigquma endlini ugweme ukuphuma isidingo singekho.

Lesi sifo siqale ukukhonjwa eChina ngo-2019[3] saya sabhebhetheka saze safike eNingizumi Africa ngo-2020[4]. Lesi sifo sadala okukhulu ukuphakama kwamaphaphu nokutatazela ikukakhulukazi kwiziphathimandla zakuleli lengabadi njengoba kwasekuqaliwe kwebhula kwembeswa kwabaningi ezibhedlela nase mitholampilo kukhalwa ngazo izimpawu ezisa mkhuhlane. Abaningi baya kwagoqanyawo zilokhu ziqhubeke njalo ukugcwala izibhedlela. Okwase kuletha amanye amatata ukuthi odokotela nabahlengikazi nabo sase sibahaqile lesi sifo. Uhulumeni kwakufanele ukuthi aze namacebo okunqanda ukubhebhetheka kwesifo kuleli njengoba ukugula kwabantu kwakusho ukuvalwa kwezimboni nama femu amaningi. Kwakusobala umnotho wezwe jikelele wawusencupheni. Uhulumeni kwakumele abeke izimpilo zabantu phambili lokho kwabonakala ngokuthi aqinise imithetho yokuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwalesi sifo nakuba yayikukhinyabeza kakhulu umnotho nezimboni. Lemithetho kubala kuzo ukuvala kotshwala nezikaqeda isizungu, ukugwema ukuya emsebenzini kwabantu abangakwazi ukusebenzela ikhaya, ukuhlaliswa kwabantu ezindlini njll…

Ikhambi eladambisa ukhuvethe.

Nebala imizamo kahulumeni yasebenza kancane kancane safadalala lesi sifo abantu babuyela emsebenzini, nomnotho wabuyela esimeni kanti ne khambi(vaccine) laselikhona.

Izinkomba

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://www.wiego.org/sites/default/files/2020-05/COVID19_Poster_SVs_RSA_ZULU__8%20May.pdf
  2. https://www.who.int/
  3. https://www.ncbi.nlm.nih.gov/pmc/articles/PMC9874793/
  4. https://www.ncbi.nlm.nih.gov/pmc/articles/PMC7612887/#:~:text=COVID%2D19%20was%20first%20identified,resulting%20in%20an%20ongoing%20pandemic.&text=%5B1%2C2%5D-,In%20South%20Africa%20(SA)%2C%20the%20first%20case%20of%20COVID,who%20had%20returned%20from%20Italy.