Izibalomininingo uqeqesho olunake ukuqoqwa, ukuhlelwa, ukuhlaziywa, ukuhlakahlwa, nokwethulwa kwemininingo.[1][2][3] Ekusebenziseni izibalomniningo enkingeni yenzululwazi, yezimboni, noma enkingeni yomphakathi, kulindelekile ukuba ukuqala ngesibalo sabantu eliyisibalomininingo noma unongo lwesibalomininingo esizofundwa. Izibalo zabantu zingaba amaqembu angafani wabantu afana "nabo bonke abantu abahlala ezweni". Izibalomininingo zibhekele zonke izici zemininingo, kuhlanganise nokuceba ukuqoqwa kwemininingo ngokuvumelana nomklamo wenhlolovo yesibalomininingo nemiklamo yomgcanso.[4]
Lapho imininingo yokubalwa kwabantu kulukhuni ukuyiqoqa, osozibalomininingo baqoqa imininingo ngokuthuthukisa imiklamo yomgcanso eqondile nezangulo zenhlolovo yesibalomininingo. Ukusangula unongo kuqinisekisa ukuthi izigqibo neziphetho zingajijiswa ngokulinganiselayo kusuka esangulweni kuya esibalweni sabo sisonke. Isifundo esiwumgcanso sibandakanya ukuthatha isilinganiso zesimiso esifundwayo, ukulumba leso simiso, nokuthatha izilinganiso ezengeziwe usebenzisa inqubo efanayo ukuze unqume ukuthi ingabe ukulumba kuwaguqulile amanani wesilinganiso. Ngokuphambene, Isifundo sokuqaphela sona asibandakanyi ukulumba okungumgcanso.
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)