Indoda yakwaDube

Isizwe sakwaDube sitholakala eNingizimu Afrika esifundazweni saKwaZulu Natal. Ikhona incosana etholakala kwaBulawayo ngaphandle kwezwe iNingizimu Afrika lapho kuse Zimbabwe. Ubukhosi bakwaDube busedolobheni elincane eSkhawini eliphakathi kweMpangeni kanye neRichards Bay.[1]

Umulando wabantu bakwaDube

Kusukela ngesikhathi sasemandulo abakwaDube babekhona kodwa ngalesosikhathi babebizwa ngabantu bakwaMbuyazi okungomunye umnumzane owayeyinsila yenkosi uShaka kaSenzangakhona. Abantu bakwaDube bahlobene noMbonambi, uMbuyazi, uDonda kanye nezinye izibongo.[2]

Bazinze kakhulu endaweni yase Mtubatuba esigodini sase Dubelenkunzi. Bazakhele igama eminyakeni edlulile ngokuba nezihlabani ezinjengo John Langalibalele Dube oyinxenye yezishoshovu ezasungula iqembu I-ANC. Ongumsunguli wephephandaba iLanga aphinde abeyinxenye yebhizinisi lezokuthutha. Kunezindawo ezinjengo Dube Village, Dube Mall, Dube Airport kanye nezinye eziningi ezisezingeni lentuthuko.[3]


Imithombo yolwazi

  1. https://www.tuko.co.ke/facts-lifehacks/guides/514439-list-zulu-clan-names-surnames-meanings
  2. https://www.sahistory.org.za/people/john-langalibalele-dube
  3. https://www.dubetradeport.co.za/index.php/our-business/dube-cargo