Isibhinyi siyisikhwaxi esinamazinyo ansonge esikwazi ukubopha noma ukuthungulula ngokusonta isihloko saso. Izibhinyi ziyafakwa ezimbotsheni zezingxenye ezibekiwe noma ziyakwazi ukuzenzela awazo amazinyo.[1] Ukusetshenziswa okuvamile kwezibhinyi ukubamba ndawonye izinto kanti Kunezinhlobo eziningi zezibhinyi.
Isibhinyi sinesihloko eceleni elilodwa esidinga ukuba sijikiswe ngesibhinyelo, noma isiphinyazi. Isihloko sivame ukuba sikhulu kunomzinba wonke, okuyinto esiza ukuba isibhinyi singangeni sonke embotsheni enkulu kunaso. Bese kuthi ingxneye engaphansi kwesihloko kuya esidlini yona ibizwa ngokuthi umsuka; ivame ukuba enamazinyo ngokugcwelw noma ingxenye.[2][3]
Iningi lezibhinyi zikhingwa ngomshwilelamuva, oshwilela ubheke emuva noma kwesokhohlo.[4][5]
Lobu bunguxelo besibhinyi buyingxenye yezinguxa ezilula eziyisithupha zasendulo:[6][7][8]