Isithununu sezimboni siwuhlelo lwesithununu olusetshenziselwa ukukhiqiza. Izithununu zezimboni ziyahlelelekwa (automated), ziyahleleliseka (programmable) futhi ziyakwazi ukuhamba ngamachopho amathathu noma amane.
Imisebenzi ewunongo yezithununu ihlanganisa ukushisela, ukubheca, ukuhlanganisa, ukuhlakahla, ukukhuphulula nokubeka eziqengqeni zomthandelo ezishicilelwe, ukugcishaza nokugqaba, ukuqhinqa, ukuhlola imikhiqizo, nokuvavanya; yonke efezwa ngokukhuthazela, ngejubane eliphezulu nobunyoninco.
Ngonyaka wezi-2000, kuqagelwa ukuthi izithununu zezimboni ezingaba isigidi esi-1.64 zazigidingiswa umhlaba wonke.
Kunezinhlobo eziyisithupha zezithununu zezimboni.[1]
Izithununu ezinyewuziwe[1] ziyizithununu zezimboni ezaziwa kakhulu.[2] Zifana nengalo yomuntu, okwenza zibizwe nangokuthi izilumba.[3] Ukunyewuza kwazo ngokukhululeka amazinga ambalwa kuzivumela ukuba izingalo zazo zinyakaze kabanzi.
Isithununu esizihlelelekayo yisithununu esiqhogoya ngaphandle kokulawulwa umuntu. Izithununu zokuqala ezizihlelelekayo.