I-ChatGPT [lower-alpha 1] iyisiqavithi sohlakahlisombulu esithuthukiswe yi-OpenAI esanyakulwa ngoLwezi wezi-2022. Yakhelwe phezu kwamahlelokusebenza we-OpenAI womndeni we-GPT-3 wezinongo zolimi ezinkulu futhi yalungiswa-ngobunomfiya kusetshenziswa ubunyoninco bokufunda okuqondiswayo nokufunda okufakelelwayo.
I-ChatGPT yanyakulwa njengonyanyali mhla zingama-30 kuLwezi 2022, futhi yathola ukunakwa ngokushesha ngenxa yezimpendulo zayo eziningiliziwe neziqephuzayo kuzo zonke izidlangala zolwazi. Kodwa ukunemba kwesiminya sayo okumaqokolo, kuye kwahlonzwa njengengqinamba ephawulekayo.[2] Emva kokukhululwa kwe-ChatGPT, ukubalwa kwemali ye-OpenAI kwakuhamba kwizigidgidi ezingama-29 ngowezi-2023.[3]
Unongo olusha lakwa-OpenAI olubizwa GPT-4, lwakhululwa mhla zili-14 kuNdasa 2023, futhi seluyatholakala kubasebenzisi be- ChatGPT Plus.
I-ChatGPT iyilungu lomndeni wezinongo zolimi lwesiGwebuzi esesiQeqeshiwe esiPhehlayo (generative pre-trained transformer GPT). Yalolongwa kahle (okuyindlela yokufunda okudluliswayo[4]) kuhlobo oluphuculiwe lakwa-OpenAI lwe-GPT-3 olwaziwa ngokuthi "GPT 3.5".[5] Inqubo yokulolongaa kahle yasebenzisa kokubili ukufunda okuqondisiwe kanye nokufunda okugcizilelwe (reinforcement learning) kumdludlungu obizwa ukufunda okugcizilelwe kumbuyiswa womuntu (reinforcement learning from human feedback RLHF).[6][7] Zombili lezindlela zazisebenzisa abaqeqeshi abangabantu ukuze ziphucule ukusebenza konongo. Ekufundeni okuqondiswayo, unongo lwahlinzekwa ngezingxoxo lapho abaqeqeshi babe nhlangothi zombili: bengabasebenzisi kanye nabalekeleli bohlakahlisombulu. Ekufundeni okugcizilelwe, abaqeqeshi abangabantu baqala ngokufaka kuqhiwu izimpendulo zonongo zezingxoxo ezidlule.[8] Lolu qhiwu lwasetshenziswa ekudaleni "izinongo zokuhlumulisa" lezo ezasiza ekulolongeni kahle unongo kusetshenziswa lokho okubizwa (Proximal Policy Optimization PPO).[6][9]
Like those tools, ChatGPT — which stands for "generative pre-trained transformer" — landed with a splash.Unknown parameter
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help)
|url-status=
ignored (help); URL–wikilink conflict (help)
Cite error: <ref>
tags exist for a group named "lower-alpha", but no corresponding <references group="lower-alpha"/>
tag was found